Ukrestu esihlabelelweni 77 | Ngi Thanda Ukulanda Indaba

0
573
Ukrestu esihlabelelweni 77 | Ngi Thanda Ukulanda Indaba
Ukrestu esihlabelelweni 77 | Ngi Thanda Ukulanda Indaba

77 Ngi Thanda Ukulanda Indaba

I mnandi, O! i mnandi,
Indaba yezulu,
Nayo yothando lwAkhe,
Ku mnandi ukuyisho;
I nomusa nothando,
Yona yeqiniso,
I suthis’ ukufisa,
Yodwa nje kuphela.

CHORUS
Ku mnand’ ukuyilanda;
Ngohuba naphezulu,
NgoJesu nobukosi,
Nothando nomusa.

I mnandi O! i mnandi,
Iyamangalisa,
I dlula namaphupho,
Indaba yothando;
Ku mnand’ ukuyilanda,
Yangisiza mina,
Ngako ngi yayilanda,
Indaba yothando.

I mnandi O! i mnandi,
Ngi yiphinda njalo,
Nangokuphindwa kwayo,
Bu yand’ ubumnandi;
Ku mnand’ ukuxoxela,
Abangayaziyo,
Lendaba yensindiso,
Ekuyo iM’bhalo.

I mnandi O! i mnandi,
Kakhulu kithina,
Ngi yilambele nami,
Ngenhliziyo yami,
Ngohuba ezulwini,
Yon’ ingoma entsha,
Indaba yon’ endala,
Indaba yakade.

Uma ubusiswe yile webhusayithi. Sicela ucabangele ukunikela / If you were blessed by this website.  Consider donating to keep it running for your next visit and other visitors.

donate button 300x46 1

For the full Christ in song hymnal visit Christinsong.com

For the SDA Hymnal visit https://sdahymnal.net/ 

Amagama amnandi https://positivewordsdictionary.com/

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here