Ndebele/Zulu SDA Hymnal
206. Wenzeni Na?
Nganikela ukuphila kwami ngawe,
Ukuze u be ngohlengiweyo wena,
Nganikela ukuphila, Wa ngi nikani na?
Nganikela ukuphila, Wa ngi nikani na?
Indlu ka Baba ekhanyayo kakhulu,
Ngayishiya, ngeza ngaba nesizungu ,
Ngakushiya, ngakushiya konke ngenxa yakho,
Wena, washiyani ngenxa yomsebenzi wami?
Ngahlupheka oku ngalinganiswayo;
Ukukhulula wena ekubhubheni,
Ngakushiya, ngakushiya konke ngenxa yakho,
Wathwalani wena ngenxa yomsebenzi wami?
Support this hymn collection
Your donation can help maintain the website, improve accessibility and keep the hymns freely available.
♥ Donate with PayPal